INJABULO KU-SITHOLE EBUYELA KWI-BAFANA

USPHEPHELO Sithole obuye le kwiBafana Bafana ngemuva kokulimala. ISITHOMBE: KICK OFF
MALIBONGWE MAZIBUKO
IGCAGCELE esokeni k-Sphephelo Sithole ebuyela eqenjini lesizwe i-Bafana Bafana ngemumva kokulimala kanzima obekumhlalise ekhaya isikhathi eside.
USithole uzolelwa indawo yakhe esiswini kwi-Bafana Bafana uma sebedudula ne Zimbabwe kusasa eMoses Mabhida Stadium kumdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Lo mdlali walimala kanzima ngonyaka owedlule kumdlalo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations, uthe wayesephonse ithawula, ezitshela ukuthi akayophinde agqoke amakhokho.
“Ngithanda ukubonga uNkulunkulu ngokunginika ithuba lokudlala ibhola futhi, ngoba lokho kulimala engakuthola, ngacabanga ukuthi mhlawumbe kwase kuphelile, kodwa ngenhlanhla sengibuyile neqembu,” kusho uSithole etshela abezindaba.
