
ITHEMBA KWETHULWA ISAKHIWO SENXANXATHELA ENKANDLA

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, wethule isakhiwo senxanxathela, esizolekelela ukufukula umnotho eNkandla. IZITHOMBE: AYANDA PHOSWA
AYANDA PHOSWA
INHLANSI yethemba yokuthuthukiswa komnotho eNkandla, kulandela ukwethula ngokusemthethweni kwesakhiwo senxanxathela yezitolo, esizokudla R180 M, nezizodala amathuba emisebenzi kule ndawo.
Lesi sakhiwo esizoklama indima enkulu, ekuthuthukiseni umnotho kule ndawo, sethule ngokusemthethweni iMeya kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, emcimbini obubanjelwe kulo masipala, mhla ziyi-27 kuMfunfu.
UCllr uNzunza uqinisekise ukuthi lesi sakhiwo senxanxathela yezitolo, sizokuba sezingeni eliphezulu futhi sizodala amathuba emisebenzi kubantu bendawo.
“Njengoba sihlaba isoyi namuhla, kusho ukuqala komsebenzi wokumba izisekelo nokwenyusa izindonga. Lesi sakhiwo esakhiwayo sizokuba esezingeni eliphezulu, futhi sizoklama enkulu indima ekuthuthukiseni umnotho wakule ndawo futhi sidale amathuba emisebenzi esikhashana nawe sikhathi eside,” kubeka uCllr Nzuza.
