
KUGQAME ITHALENTE LENTSHA KUFIKA ISUKILE

INTSHA yasifunda ILembe izitamuzele imiklomelo emncintswaneni wezobuciko nowezemidlalo i-Isukile. Lomncintiswano wamathalente osusithunge sonke isifundazwe uklamise eMandeni kuleli sonto, ukudonsa ithalente kumasipala iNdwedwe, iKwaDukuza kanye neMandeni, lapho intsha iveze amakhono ezinkondlweni, ezokudweba ingqephu, ibhola lezinyawo, ibhola elomnqakiswano kanye neKhokho.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, unikezele ngezinsiza zezemidlalo ezikoleni ezingama-48, nemishini yokuthunga kuma-cooperatives kanye nezinsimbi zomculo.
“Sisayine isethembiso esaqala ngo-2012/2013, ngesikhathi kuvunyelwana noMnyango wezeMfundo ukuthi sizofaka isandla ekuthuthukisweni kwezemidlalo ezikoleni.”
UNgqongqoshe uKhawula ugqamise ukuzibophezela koMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko Namasikoekuthuthukiseni ezemidlalo ezikoleni,
“Othisha noMnyango wezeMfundo ibona abanikazi bezingane, thina nama-federation sithi nawu umnikelo. Njalo ngonyaka ezifundeni sinikeza izikole ezingama-48 izinto zokudlala.Namhlanje sizonikeza izikole ezingama-48 izimpahla zemidlalo. Ngiyanxusa koThishanhloko ukuthi lezi zimpahla bazigcine kahle bazinakekele,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
Ukutholakala kwamathalente kugxile ezinkondlweni, ekuklameni imfashini, ebholeni likanobhutshuzwayo kanye nebhola elomnqakiswano. I-Mandeni FC iphume phambili ebholeni lezinyawo, kwibhola lomnqakiswano naku-khokho.Ezinkondlweni uMthawelanga uthole indawo yokuqala elandelwa nguSandile Ntuli kanye noNothile Nzuza.
Umsebenzi kaNhlalwenhle Bulose wokuklama imfashini umenze wathola indawo yokuqala, uZinhle Mthembu wathola eyesibili elandelwa nguSamkelisiwe Zulu.”Ngijabule kakhulu ukuhlomula kulomncintiswano. Kumnandi ukuthi nakuba iMandeni kuyindawo encanyana, nayo ihlale ikhunjulwa uma kwenziwa izinhlelo ezinje. Ngibonga kakhulu kuMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngokusinakekela singamaciko. Mina angigcilile kwingqephu kuphela kepha ngenza nobuhlalo ngiphinde ngibe mlingisi,” esho uNhlalwenhle.
Ekhuluma, uKhawula, ugcizelele ukuthi iKwaZulu-Natali iyikhaya lamathalente futhi iyona evusela umona kwezinye izifundazwe. Uthe yingakho ifilosofi ayisebenzisayo ithi “Azidlekhaya”, ilwela ukuthi kudalwe amathuba amaningi okuthuthukisa ithalente esifundazweni izingane zingaphangi umdaka zijahe ukuya eGoli.”Kubalulekile ukuthi sixhase amaqembu akwaZulu-Natal. Kumele siqhenye ngamaqembu ethu. Sizolibonisa ithalente lethu,” kusho yena.
