Izindaba

UNTULI UTHI AKAZISOLI NGOKUJUBA AMASOSHA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli. ISITHOMBE: KZN PREMIER

AKHONA DLAMINI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli uthi isinqumo sakhe sokuletha amasosha, ukuthi azokwelekelela amaphoyisa kwimibhikisho yokuxosha abantu bokufika akazisoli ngaso. Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma kumkhuleko wokunqanda ukubulawa kwabantu ngenxa yezepolitiki obuKwaNongoma, eHlalankosi, mhla ziyi-26 kuMfumfu .

UNtuli uthe lokhu wakwenza ngoba engafuni ukuthi kwenzeke okwenzeka ngonyaka ka-2021, ngesikhathi kunezibhelu kwagcina kucatshwa kugcekelwa phansi izingqalasizinda, nokwaholela ekutheni umnotho wehle kakhulu.

“Ukujuba kwami amasosha angikwenzanga ngoba ngihambisana nabokufika, kodwa ngakwenza ngoba nginqanda ukuthi kungaphindi okwenzeka ngonyaka ka-2021. Umonakalo owenzeka ngo-2021 usaqhubeka nokuba nomthelela ebantwini. Abaningi balahlekelwa imisebenzi, amabhizinisi amanye avalwa unomphela,”kubeka uNtuli.

Uqhube wathi noMtwana wakwaPhindangene naye wawabiza amasosha ngezidubedube zango-2021. “Umntwana wakwaPhindangene wawabiza amasosha ngesikhathi ebona ukuthi ngathi sekuyabhimba, abantu abalawuleki,” kuqhuba yena.