Uncategorised

USAZOBHADLA ESITOKISINI OSOLWA NGOKUBULALA U-DJ WARRAS

UDJ Warras owadutshulwa wabulawa ngoZibandlela ngonyaka odlule.

UVICTOR Majola ongumnikazi wamatekisi eGoli onqatshelwe inkantolo ibheyili, IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

USAZOQHUBEKA nokubhadla esitokisini uVictor Majola oneminyaka engama-44 ubudala, osolwa ngokuba ungqondongqondo ekubulaweni komsakazi nomethuli wezinhlelo kumabonakude uDj Warras, enkabeni yedolobha eGoli ngoZibandlela ngonyaka odlule.

Lokhu kuza ngemva kokuthi iNkantolo kaMantshi yaseGoli inqabile ukumnika ibheyili, njengoba ebevelile enkantolo ezolalela ukuthi uyayithola yini ibheyili noma cha.

Ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili, uVictor utshele inkantolo ukuthi kufanele adedelwe njengoba kusaqhubeka ukuphenywa kwecala lakhe, uphinde watshela inkantolo ukuthi akayona ingozi futhi angeke abalekele ubulungiswa. Uphinde waveza ukuthi ungumnikazi wamatekisi ozisebenzayo futhi onobudlelwane obuhle namalunga omphakathi.

Ukuphikile ukuthi uyathinteka ekubulaweni kukaDj Warras, ube esezama ukuphoqa inkantolo ukuthi iveze imifanekiso eqoshiwe (video) wathi iyona engasiza kuleli cala lakhe.

Abashushisi baleli cala baveze ukuthi kunobufakazi obuqanda ikhanda obuhlanganisa uVictor netulo lokubulala uDj Warras, umfanekiso oqoshiwe wezithombe lapho ebonakala khona esendaweni yesgameko ngalo usuku okwabulawa ngalo uDj Warras.