Uncategorised

U-BABES UBONGE USPLASH NGOKUNGAMLAXAZI

BABES Wodumo ubonge uSplash (Philani Ngwenya) ongumnikazi weKasi Lami, okuyinkampane ehlela indumezulu yomcimbi i-INKKASI Xperience, ebizolo ePrincess Magogo Stadium KwaMashu.

ZETHU PHOSWA

UFIKELWE umunyu uBabes Wodumo, ngemuva kokudlala esiteji emcimbini osudonse iNingizimu Afrika I-INKKASI XPERIENCE, KwaMashu izolo eze yavalwa ekuseni namuhla ngehora lesihlanu.
UBabes Wodumo igama lakhe Bongekile Mapjumulo obeshade no nomculi we- NUZ uMampintshs, owaba nesandla ekusungulweno WE-INKKASI XPERIENCE, uthi okwenziwa uSplash Philani Ngwenya, akasoze akukhohlwa ngokumeseka.
“Abantu abaningi uma usushonelwe yindoda noma ngabe bebesondelene kanjani bayakulaxaza. Ukuseseka kukaSplash kusho ukukwazi ukuphilisa Sponge wethu. Akwenzayo kwenza umehluko omkhulu kwingane yethu nakumina uqobo,, “ kusho uBabes.
Uqhube wagqugquzela abantu ukuthi baweseke lo mcimbi, nabaxhasi baqhubeke Ngokutshala imali kuwo.
“Akagcini ngokusiza thina abaculi kuphela kodwa uvula amathuba emisebenzi kubantu abakhele leli lokishi. Uphinda ubeke leli lokishi kwibalazwe, njengoba sezingeni eliphezulu, “esho.
USplash uthi kumjabulise kakhulu ukubona inkundla yezemidlalo ivalwe nomuntu enyango.
Uphinde waveza ukuthi Lomcimbi negalelo elikhulu ekuthuthukiseni umnotho was eThekwini neKwaZulu-Natal.