Uncategorised

KUQHUME UMKIKIZO UMKHWANAZI EPHINDA IBUYA E-KZN

LIZWAKELE izwi lokuthi akabuye ihlandla lesibili Mkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi njengoba sekunjalo.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noMkhuzi waMaphoyisa uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

NOMCEBO NGEMA

KUQHUME umkikizo kwabhakuza izinhliziyo ezibomvu ezinkundleni zokuxhumana, ngesikhathi uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, ememezela ihlandla lesibili kuMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

Lokhu ukusho namhlanje ngesikhathi ebuzwa isiteshi sikamabonakude ngekusasa lika-Lt General Mkhwanazi. “Akukho okungangivimba ukuthi ngiyivuselele inkontileka kaMkhwanazi, ngiyamnika ihlandla lesibili ukuthi aqhubeke abe uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal,” kusho uGeneral Masemola.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli naye wakubeka kwacaca bha, njengekati ehlungwini ukuthi uyamnika ihlandla lesibili uMkhwanazi, ngenxa yokusebenza kwakhe ngokuzikhandla nokuzimisela ukuqeda ubugebengu esifundazweni.

Ihlandla lokuqala likaMkhwanazi belizophela mhla zingama-30 kulenyanga, njengoba esezoqhubeka akhuze amaphoyisa esifundazweni iminyaka emihlanu.