KUKHALWA NGESIBALO ESEQILE SEZINDLOVU E-KZN

EZEMVELO KZN Wildlife zikhala ngokugcwala kwezindlovu ngokweqile eziqiwini zaKwaZulu-Natal. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
EZEMVELO KZN Wildlife zihlaba umkhosi kunoma ngabe ubani, ongaba nezindawo zokwamukela izindlovu esezande kakhulu eziqiwini okubalwa iHluhluwe Mfolozi Park, iTembe Elephant Park, iThala Game Reserve nase-Umkhuze Game Reserve.
Ezemvelo zithi lezi ziqiwi zinesibalo sezindlovu ezeqile kulezi okufanele zibe khona kwisiqiwi ngasinye.
“Lesi sicelo silandela imibiko eke yasabalala kumaphephandaba ahlukahlukene, ethi Ezemvelo zihlela ukunciphisa izindlovu ngokuzibulala. Okwamanje inhlangano Ezemvelo ibingakasithathi isinqumo sokuthi kubulawe izindlovu kodwa icela ukuthi uma zikhona iziqiwi eziphephile ezingakwazi ukugcina lezi zindlovu ziphungulelwe kuzona. Ziningi iziqiwi lapha eNingingizimu Afrika ezibhekene nenkinga yokugcwala kwezindlovu ngokweqile njengoba eMadikwe Game Reserve kusanda kufa izindlovu ezingama-70 ngenxa yesibalo esevile kulesi esijwayelekile,” kusho kwe-Ezemvelo.
Ezemvelo zithi uma kukhona onendawo eyanele yokugcina lezi zindlovu engathinta uNksz Vuyiswa Radebe kule email: Vuyiswa.Radebe@kznwildlife.com.
