UDJ SGQEMEZA UTHI UZINZE UKUZINZA KU-KHOZI FM

UDJ Sgqemeza ongumsakazi wohlelo lwasekuseni ku-Ukhozi FM.

NALI ikhalenda lakulonyaka lomsakazo uKhozi FM eliqubule imibuzo ezinkundleni zokuxhumana.IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
SEKUQUBUKE imibuzo ngekusasa likaSipho Sgqemeza Mbatha kuKhozi FM, kulandela ukuthi engazange abonakale kwikhalenda lwalo nyaka.
Abalandeli baSqgemeza bakuveze lokhu ezinkundleni zokuxhumana, kanti
uDj Sgqemeza uthi phansi amaphaphu akakazowushiya lo msakazo njengoba abantu becabanga.
USipho usho lokhu kwikhasi lakhe ku-Facebook, ngemuva kwemibuzo ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi ukungabibikho kwakhe ngabe kusho ukuthi usezoshiya yini kulesi siteshi njengoba kubhekwe ekuvuselelweni kwezinkontileka ngoMbasa, kulonyaka.
Ekhuluma ku-Facebook bukhoma uSipho uthi akahambi futhi usazoqhubeka nomsebenzi wakhe ngokugcwele.
Ube esexwayise abalandeli bakhe ngokuthi bangalaleli abantu abasabalalisa izindaba ezingamampunge.
Uphinde wathi uma kukhona ushintsho mayelana nekusasa lakhe, uyena ozokwazisa umphakathi mathupha. Ephawula mayelana nokungabibibkho kwakhe kwikhalenda, uthi abaphathi bakwa-SABC sebemchazele isizathu sokungabi khona kwakhe, kodwa lokho akusho ukuthi usephumile emsakazweni.
