Uncategorised

INGWADLA KUBAGIBELI NGOKWENYUKA KWEMALI YOKUGIBELA KULELI

KUZONYUKA ngamanani ahlukahlukene ukugibela itekisi.

UYANYUKA uphethiloli nodizili kusasa. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

IMBONI yezokuthutha kuleli i-South African National Taxi Council (SANTACO), imemezele ukunyuka kwemali yokugibela kumabanga amafishane namade, lokhu kuvezwe uRebecca Phala okhulumela iSantaco kuzwelonke.

URebecca uthi le mboni ithathe lesi sinqumo ngokubambisana nezinhlangano ezingaphansi kwayo, njengoba ukukhuphuka kwemali kulindeleke ukuthi kuqale ku-R2 kuya ku-R6 kumabanga amafishane, ebese kuthi kumabanga amade kube phakathi kuka-R10 kuya ku-R13.
“Siyazama ukuthola ezinye izindlela zokugcina ibhizinisi liqhubeka nokungaxoshi abagibeli ngokuthi sinyuse kakhulu imali. Okwamanje amanani amabanga amafishane namade azoma ngalendlela kodwa angeke sikwazi ukusho ukuthi kuzoba isikhathi esingakanani, ngoba kungenzeka aqhubeke nokukhuphuka uma isimo esiqhubekayo emazweni aphesheya singalungiseki,” kusho uRebecca.

I-Congress of South African Trade Unions, yona inxusa uhulumeni ukuthi enze okuthile ukuvikela abasebenzi, abafundi kanye nomphakathi. Ibe isixwayisa ngokuthi umnotho ungase ungakwazi ukubhekana nalezi zinguquko, uma intengo kaphethiloli nodizili iqhubeka inyuka.

Khonamanjalo iyanyuka intengo kaphethiloli kusasa ngoLwesithathu ngo-R3.27 ilitha, udizili uzokhuphuka ngo-R6.19 ilitha, ebese kuthi upharafini uzokhuphuka ngo-R4.22 ilitha.
Lokhu kudalwa ukunyuka kwentengo kawoyela emhlabeni wonke okudalwa impi eqhubekayo phakathi kwamazwe amathathu phesheya kwezilwandle okuyi-Iran, i-United States kanye no-Israel.