Uncategorised

I-MOUNT SINAI RESORT ISEZINGENI ELICOKEME KAKHULU

UBUHLE beMount Sinai Resort.

UMfu Manyathi

UMfu Manyathi noNkk Nompumelelo Manyathi okungabanikazi beMount Sinai Resort

Amanye amagumbi aseMount Sinai Resort.

IZITHOMBE: UMUSA MEDIA

ZETHU PHOSWA

I-MOUNT Sinai Resort iyona ndawo esezingeni eliphezulu, ongakwazi ukuphumula kuyo, ubuke ubuhle bemvelo, okubalwa impophoma kwazi ukutshuza ngayo ngesiklebhe, intaba eqwalwayo enetshe lezanga eliyindlu, idamu elikhulu kazi, amagumbi zokulala a ngobhazabhaza nokudla kwehla esiphundu.
Le ndawo eseHerman Se Gaat eVryheid zingaphansi kuka Mfu Manyathi, athi uma ukuyo uzizwa usendaweni ehlukile kunezinye njengoba ukwazi ukuthola imvelo ehlukahlukene.
“Izinga liphezulu kakhulu kuningi okutholayo endaweni iyodwa, sinentaba enhle eqwalwayo, sibe nezimpophoma ezintathu okubhukudekayo kuzo okanye uhambe ngesikebhe, idamu elijulile elingenwa ngesikebhe, kube ngamagumbi ahlukile kwelinye ngelinye. Amagumbi ethu makhulu kakhulu okuyinto eyenza sehluke kakhulu. Ifenisha yethu ngeke uyithole kweye indawo ngoba siyazenzele futhi isezingeni,”kubeka uMfu Manyathi.
Uthi lendawo ilungele ukwenza imicimbi yangaphandle neyangaphakathi okubalwa amafestiveli, imishado, ukucobelena nokuqeqeshwa kwabasebenzi, imikhuleko ukukhempa ematendeni nokunye okuningi.
Uthi amagumbi asukela kuR1300, iyakwazi ukungena uzobuka noma ungeke ulale.
Ngemininingwane ephelele ungashayela inombono ethi: 0764012730