KWETHULWE IZINHLELO ZE-SIYABONGA SANGWENI YOUTH MONTH 2026

USIYABONGA Sangweni etshela abezindaba ngezinhlelo zakulonyaka zemidlalo. ISITHOMBE: NOMCEBO NGEMA
NOMCEBO NGEMA
UBONGA ukukhula komdlalo iSangweni Youth Month uSiyabonga Sangweni, njengoba kulo nyaka iqeda iminyaka eyi-15, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni lemidlalo namuhla ehholo likaMasipala waseMfolozi.Lo mdlalo oba minyaka yonke oqanjwe ngengqalabutho yebhola uSiyabonga Sangweni owangumdlali we-Orlando Pirates, ongowokuzalwa eMpangeni nahlose ngawo ukubuyisela emphakathini.
USiyabonga uthi uyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokubagcina bebonke yonke le minyaka. “Abaningi esaqala nabo lo mncintiswano basekhona namanje kanjalo nababambiqhaza. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngasekwenzile. Ngokwalemidlalo konke kuhamba kahle kakhulu ngoba abasebaningi abafana abancane abakhala ngokuthi izinto zabo zihamba kancane, azifani nezalaba abahlala emadolobheni. Njengamanje sinabadlali abangaphansi kweminyaka eyi-13, nabaneminyaka engaphansi kweyi-15 abaqhamuka emphakathini, obekuyinto ebingenzeki ebesiyigcina ezikoleni futhi manje sesinebhola lomnqakiswano labesifazane okusho ukuthi siyakhula,” kuchaza uSiyabonga.
Uqhube wathi ngosuku lomncintiswano baba nezinkakha ezaziwayo ebholeni ezisuke zizokhetha abadlali, labo badlali bayahamba beyozama kwezinye izindawo. “Mina ngikwenzile obekufanele ngikwenze, umndeni walekelela ngendawo kwakhiwa isikhungo ngakho kufanele basisebenzise futhi basivikele. Kulendawo akugcini ngokuthi kudlalwe ibhola lezinyawo kuphela kodwa nelomnqakiswano liyadlalwa nezinye ezemidlalo eziningi. Nomphakathi uyakwazi ukuthi uyisebenzise le ndawo okusho ukuthi into eyenzeka inhle kakhulu futhi iyangijabulisa,” kuphetha uSangweni.
Imidlalo yakulonyaka izoqala mhla zingama-24 kulenyanga kuze kube umhla zingama-28 ngeSonto, lapho kuzobe sekuklonyeliswa wonke amaqembu aphumelele.
