Ezobumnandi

ULIMIT WENZELE UBUNTU INKOSI YAMAGCOKAMA INGASEKHO

UMCULI kaMaskandi uLimit uqophe ingoma wanikele ngayo ukukhulisa izingane zikaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini, nangemali yokuphosa esivinane ukuqedela umuzi waleli qhawe.
ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

ISIHLABANI somculo kaMasikandi, uLimit Nala, ogama lakhe langempela kungu-Sabelo Nala, sesiphinde sakhombisa uthando nokweseka umndeni kaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini ngokunikela ngesizumbulu srmali yokusiza izingane zaleli qhawe.

UNala, owaziwa ngokuba nezingoma ezithandwa kakhulu, usephinde wanikele ngemali.
ULimit uqale wanikela ngengoma yokuvalelisa uScebi, wathi ayikhishwe ngaphansi kwe-channel kaScebi, ngenhloso yokuthi imali ezotholakala ngayo, isize ekondleni nasekunakekeleni izingane zalo mculi ongasekho.

Isenzo sikaLimit sikhombisa ukuthi ubudlelwano phakathi kwabaculi bungadlulela nangale komculo, ikakhulukazi ngezikhathi ezinzima.