Uncategorised

YETHULWE NGEZINGA ELIPHEZULU I-ALBHAMU YAMAVIYO

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ubengomunye wabahambele lo mcimbi. Esithombeni uMnuz Duma, uMnuz Gcwensa noNgqongqoshe uKhawula.

IQEMBU Amaviyo ezokwethula i-albhamu.IZITHOMBE:KZNDSAC

AKHONA DLAMINI

BEKUGCWELE phama emcimbini obuhlelwe iqembu lomculo wombholoho Amaviyo, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni i-albhamu yabo eshisa izikhotha, enezingoma ezingama-12 esihloko sithi Zulu Omnyama Courtyard Theatre, eDUT, ngeSonto.

Le ndumezulu yomcimbi ibizimaziswe uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, oqale ngokuhlonipha umculi kaMasikandi uScebi Dlamini owaziwa ngeleNkosi Yamagcokama, edlule emhlabeni ngoMgqibelo ebusuku. Abaculi bonke bebengena esiteji, bebekhala ngokudlula kwaleli qhawe, abalichaze njengomuntu obengathathi mahlangothi.

US’bonga Gcwensa okungumholi nomsunguli waleli qembu, ubonge kakhulu uNgqongqoshe uKhawula, obe esecela ukuthi abasize ukuthi bakwazi ukunandisa ezindaweni ezisezingeni elithe xaxa.“Ngithanda ukubonga abantu abathe baphuma bazoseseka, ikakhulukazi uNgqongqoshe uKhawula odele konke weza lapha. Okwesibili, ngithanda ukucela kuNgqongqoshe ukuthi asixhase, njengoba nathi singathanda ukuthi sinandise ezindaweni ezifana noPlayhouse kanje,” kusho uGcwensa.

Abaculi abebenandisa kubalwa uBahubhe, Ithwasa Lekhansela, iMalini , Isigcino nabanye abaningi. Osingaye bebelokhu bethi thasi ngamanoni akule albhamu.Uqhube wathi ucela abantu ukuthi balalele izingoma zabo baphinde babaqashe, umculo iphilisa ngawo.