
ISILILO NGOKUDLULA EMHLABENI KUKA-TETE

UMENGAMELI we-UDM UNqabayomzi Nkwankwa, udlulise amazwi enduduzo emndenini kaZolani Tete.
ISITHOMBE: UDM
AKHONA DLAMINI
ISEKELA likaMengameli we-UDM uNqabayomzi Kwankwa, usedlulise amazwi enduduzo emndenini kaZolani “Last Born” Tete, obengumpetha womdlalo wesibhakela, kulandela ukudutshulwa abulawe ngoLwesihlanu.
UKwankwa uchaze uTete njengethemba nomuntu abebeziqhenya ngaye esifundazweni sase-Eastern Cape.
“Silahlekelwe umuntu oliphakamise kakhulu ifulegi lesifundazwe sethu emazweni. Uhambo lukaTete, esuka emphakathini akhulele kuwona, eya emazweni lapho afike abangumpetha emdlalweni wesibhakela, luyisibonelo sokuzimisela, isibindi nokusebenza ngokuzikhandla,” esho.
Uqhube wathi iBuffalo City ilahlekelwe yindodana, isifundazwe i-Eastern Cape silahlekelwe ngumpetha, kanti iNingizimu Afrika ilahlekelwe yigugu lesizwe.
