Ezobumnandi

ASHIYE IMIBUZO EMININGI AMA-METRO AWARDS

UMCULI uZee Nxumalo ozakhele ugazi ngengoma ethi Amagiya.

UMBHALO awufake ezinkundleni zokuxhumana emva kokuthi engatholi lutho kuma-Metro Awards. IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

UKHALA uyazithulisa umculi uZee Nxumalo, kulandela ukubuya neyakamabuyaze kuma-Metro FM Music Awards ngempelasonto.
UZee ubeqokwe kumahlandla ayisikhombisa, kodwa kuwo wonke akazange ahlabane ngisho nangeyodwa vo indondo. Ube esebhala ezinkundleni zokuxhumana umbhalo ekhalaza.
“Nkulunkulu uyangidida manje, ngiphunyukwe izindondo eziyi-7 kodwa izingoma zami zenza kahle kakhulu….kufanele ngenzenjani?,” kusho umbhalo kaZee.

Kube sekuqubuka izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana bemduduza bemtshela ukuthi angayinaki kakhulu imicimbi yokuklomelisa abaculi, ayisafani nakudala manje sekuya ngokuthi unephakethe elijule kangakanani.
Uphinde waduduzwa ozakwabo okubalwa u-Prince Kaybee ongumculi omtshele ukuthi uyaziqhenya ngaye kakhulu.