Uncategorised

ITHEKU NOSOMABHIZINISI EKUTHUTHUKISENI EZOMNOTHO

UMBIKO: AKHONA DLAMINI

UMPHATHI weTheku uMnuz Musa Mbhele uhole umhlangano osezingeni eliphezulu, wokuthuthukisa ezomnotho kuleli dolobha.
Lo mhlangano obuhanjelwe osomabhizinisi, abathuthukisi bezakhiwo nabatshali-zimali bakwaZulu-Natal., ubuhlelwe inhlangano i-All Shall Prosper Movement ngenhloso yokuqinisa ubumbano, phakathi kwemikhakha ezimele nedolobha.
UMbhele uthe ngalokhu bafisa ubumbano ukuze kuthuthukiswe ezomnotho eKZN, nokwenza ukuthi iTheku libe yingxenye okutshalwa kulo izimali.
” Idolobha lisemathubeni amakhulu kwezomnotho njengoba kutshalwe imali elinganiselwa kwizigidi eziyi-217, ngamaphrojekthi ethu abalulekile,” esho.
Uveze ukuthi kulindeleke kusungule amathuba emsebenzi eyi-300 000 nokuqashwa ngokugcwele kwabantu abangu- 120 000.
“Sikuthokozele kakhulu ukwethenjwa ngabatshalizimali. ITheku liyakwazi ukuhlanganisa ukusebenzisana komphakathi , nezinkampani ezizimele ukuze sithuthukise ezomnotho. Inhloso ukukhulisa ezomnotho nezinguquko ezikhuthaza ukulethwa kwamathuba amasha ukuze kuzuze zonke izakhamizi zethu,” esho.
Usomabhizinisi odumile u-Andrzej Kiepiela, weKZN Growth Coalition, uthe kunemizamo eqhubekayo ngokubambisana neTheku, ukuze kuqinisekiswe isimo samabhizinisi.
Usomabhizinisi wesifazane ongumholi we-All Shall Prosper Movement, u-Adele Benvle,uthe inhloso yalo nhlangano ukuqinisekisa ukuthi iTheku lithathwa njengendawo ehamba phambili yokutshala izimali