USEZIIPHILISA NGOKUDAYISA EMGWAQENI UMCULI

UMBIKO :
BUSISIWE ZONDI
USEZIQALELE ibhizinisi lokudayisa ngamaveji umculi uSandile Nala oculela iqembu elidumile le Accapela, iThimba Le Afrika.
Itafula likaSandile lise-Erebro Centre eSphingo.
USandile yize edume ngomculo, kodwa ungumuntu onomqondo osabalele., ungumbhali wezincwadi aphinde ahambele izikole nabangathathi ntweni ebapha izipho eziwusizo.
Uthi ukuqala kwakhe leli bhizinisi kumenze waduma kakhulu ngoba abasendimeni yezikaqeda isizungu bayafika bezomeseka.
USandile ebhala ezinkundleni zakhe zokuxhumana ubonge bonke abamesekayo nabalandeli. Uthi isifiso sakhe ukuthi abe nemakethe ezothengisa izithelo namaveji.
” Ngizibona ngiwusomabhizinisi ophumelelayo empilweni onekusasa eliqhakazile.
Ngicela ukuthi ningilandele ekhasini lami kuFacebook Sandile Nala The Hustler, ” esho.
Uphinde watshela ontanga bakhe ukuthi akusilo ihlazo ukudayisa emgwaqeni.
Uthi abantu kufanele bafunde ukuthi into ekungenisela imali iyahlonishwa.
Uthi ubonga uninakhulu ngokumfundisa ukuzimela.
Uthi wakhuliswa uyena ugogo wakhe
owayedayisa emigwaqweni eSiphingo
