Uncategorised

UZOVULA UMACEKECEKE WENKUNDLA OWE-PREMIER’S CUP

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
Umusanedia1@gmail.com

I-KZN Premier’s Cup yiyo ezoqala ukudlala ezinkundleni zemidlalo ezintsha eMhlathuze ngaphansi koMkhandlu iKing Cetshwayo, njengoba ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo izovulwa ngokusemthethweni.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni umdlalo weKZN Premier’s Cup, ozoqala mhlaka 26 kuya kumhla ziyi-27 kuJuly.
IPremier’s Cup eyethulwe eBon Hotel eRichards Bay, izodlalwa amaqembu amathathu akwiPremiership okubalwa AmaZulu FC, Richards Bay FC neLamontville Golden Arrows nalawa adlala esigabeni esingaphansi okubalwa Durban City FC, iMilford FC neMidlands Wanderers.
Lo mdlalo onesasasa elikhulu oxhaswe iHhovisi likaNdunankulu noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko njengoba inhloso yawo kuwukuthuthukisa ibhola KwaZulu-Natal, ukuze nawo afike esigabeni sezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs ne- Orlando Pirates.
UNdunankulu Ntuli uthe uyaziqhenya kakhulu ngokukwazi ukuqala lomdlalo, akholelwa ukuthi uwumhlahlandlela wokuthuthukisa ezemidlalo, ukubeka iKwaZulu-Natal kwibalazwe nokuthuthukisa umnotho endaweni ezobanjelwa kuyo.
“Akukona nje ukuchitha imali kodwa ukuthi sifuna ukukhiqiza ibhola elisezingeni nathi sibe nento ezokwazi ukuheha abathandi bebhola njengeSoweto Derby,” esho.
UNgqongqoshe uMnuz Mntomuhle Khawula ubonge kakhulu ukusungulwa kwalo mdlalo oheha abantu abaningi.
“Kuyindlela enhle yokuthi amaqembu angene kwisizini esezilungiselele. Sijabule kakhulu ukudlalwa kwsle midlalo nokukwazi ukweseka ezemidlalo ukuze kugqugquzeleke ukuthi sibe namaqembu akulesi sifundazwe,” esho