UMKHOSI WAMAGANU UBUGUBHA IMINYAKA EYI-15

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
UBE nesasasa uMkhosi waMaganu obugubha iminyaka eyi-15 wasungula, owenziwa minyaka yonke eSigodlweni saseMfihlweni eManguzi.
Lo Mkhosi obuye waziwe ngoMkhosi woMthayi, ubugubha umgubho wezithelo zokuqala, lapho kugaywa utshwala besintu obenziwa ngesithelo se-amarula.
UNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, ethula inkulumo yosuku, uqhakambise ukubaluleka kwalo mkhosi
“Lo mkhosi ukhuthaza ubudlelwano bezenhlalakahle, nezomnotho kumazwe angomakhelwane okubalwa iSwazini neMozambique. Lokhu kuqinisa umnotho KwaZulu-Natal.
UNdunankulu uphinde wagqugquzela abantu ukuthi balwe nobugebengu obudlangile, obuphazamisa ukutshalwa kwezimali nezokuvakasha.
“Siyafisa ukubonga kakhulu kubaxhasi nabantu besizwe sakwaTembe. Sibonga abaxhasi balo mkhosi abahlukene,” kusho Inkosi Tembe.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo uMbhishobhi Musa Zondi, uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya uNkk Thembeni KaMadlopha Mthethwa
