Uncategorised

SELIHLINZIWE IWELE ELAKHALATHEKA EKHESHINI

UMNUZ Khaya Dlamini nendodakazi yakhe u-Aphile olwela impilo yakhe esibhedlela. IZITHOMBE: Facebook.

NOMCEBO NGEMA

KONKE kuhambe kahle ngesikhathi kuhlinzwa iwele u-Aphiwe Dlamini elalimala kanzima ngesikhathi likhalakathela ekheshini kuhambe kahle, njengoba uyise walo uMnuz Khaya Dlamini usedlulise ukubonga kodokotela nabahlengikazi.
Izolo uMnuz Dlamini ubhale kanje ekhasini lakhe, “i-Operation ihambe kahle, siyabonga kakhulu kodokotela namanesi ngomsebenzi omuhle. Sibonga wonke umuntu omi nathi kulesikhathi esinzima, uNkulunkulu anibusise,” kusho uMnuz Dlamini.
Kuzokhumbuleka ukuthi lamawele akhalakathela emgodini wekheshi ebhilidini laseHomii edolobheni eThekwini ngenyanga edlule, alimala kanziwe nokwagcina ngokuthi elomfana lidlule emhlabeni, kwathi elentombazane lalimala kanzima njengoba belisegunjini labagula kakhulu.
Nakuba uMnuz Dlamini acela ikhefu lokuzila, uthe angeke esaxhumana nabezindaba kodwa uzoqhubeka nokwazisa abalandeli bakhe ku-Facebook, ukuthi isimo sendodakazi yakhe sinjani kodwa akayithi vu eyecala ukuthi ngabe selikusiphi isigaba.
“Ngibonga nesibusiso sokuthi u-Aphile uyaphila, uNkulunkulu uzibonakalisa amandla akhe kuye,” kusho umbhalo kaMnuz Dlamini.