UMKHWANAZI USHAQEKILE NGOKUDLULA EMHLABENI KWENKOSI YAMAGCOKAMA

INKOSI Yamagcokama edlule emhlabeni engozini yemoto.

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi idlulisa amazwi enduduzo emndenini weNkosi Yamagcokama. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
ISHAQEKILE iMeya kaMasipala waBaQulusi, uCllr Sifiso Mkhwanazi, ngokudlula emhlabeni kukaS’cebi Dlamini obaziwa kakhulu ngeNkosi Yamagcokama emculweni kaMaskandi. Lo mculi ubebhekwe ngabomvu emcimbini wokubungaza abantu besifazane obizwa ngeDoek On Mbokodo ngoMsombuluko.
INkosi Yamagcokama ibilindeleke ukuthi yenze edume ngazo esteji, ijabulise abantu besifazane, enkundleni yebhola lombhoxo eCicil Emmett, eVryheid, emcimbini obuhlelwe uMasipala waBaQulusi. NgeSonto, iMeya uCllr uMkhwanazi ithe kuyethuse kakhulu ukudlula emhlabeni kukaS’cebi, ophangalale ngoMgqibelo ebusuku engozini yemoto, eyonandisa emcimbini wokuhlonipha abantu besifazane eRichards Bay.
“US’cebi ubezonandisa emcimbini wokubungaza ukubaluleka kwenyanga nosuku lwabantu besifazane lapha eBaQulusini. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini weNkosi Yamagcokama, izihlobo, abangani, ozakwabo endimeni yomculo, ikakhulukazi umaskandi nabalandeli bakhe. Ngithi abaduduzeke, silahlekelwe sonke njengesizwe,” kusho iMeya uCllr uMkhwanazi.
