USHINGA NOMKHANKASO WAMALUNGELO WABAPHILA NOKUKHUBAZEKA

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal uNksz Mbali Shinga
NOMCEBO NGEMA
KUZOQHAKAMBISWA amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka KwaZulu-Natal, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bavikelekile futhi babalulekile, ozokuba kuMasipala waseMajuba ngoLwesine.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal uNksz Mbali Shinga, usho lokhu ngesikhathi enomhlangano, nesigungu olusanda kuqokwa olubhekelele abaphila nokukhubazeka izolo.
Uthi bakukhankaso wokuqikelela ukuthi amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka ayahlonishwa, bayavijeleka nokuthi batshengiswe uthando nokubaluleka kwabo.
“Sizoyigubha inyanga yamalungelo wabantu abaphila nokukhubazeka njengoba kuyiyanga kaLwezi, futhi kuningi esizokwenza nabo. Sizobakhombisa ukuthi bahlezi beseqhulwini kukho konke. Sibakhathalele kakhulu futhi sinezinhlaka ezibhekelela bona ngqo,” esho.
