AMAPHOYISA ASE-KZN ATHI AWALUNGELE AMAMASHI NJALO NGOLWEZINE

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli noMajor General Phumelele Makoba kwisithangami sabezindaba. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
UMAJOR General Phumelele Makoba obambe njengoMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal, uthi amaphoyisa akulungele ukuqapha isimo samamashi, amayelana nokunxusa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo, azoba njalo ngoLwezine kulezinyanga eziyi-6 ezizayo #AbahambeThursday. Usho kanje namuhla kwisithangami sabezindaba ebesihlelwe uhulumeni waKwaZulu-Natal, oholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli njengoba ebethula umbiko kakhukhulela ngoqo wemashi yangoLwesibili mhla zingama-30 kuNhlangulana, e-The Marine Building eThekwini.
UMajor General Makoba uthi bayaxhumana kakhulu nabahleli beMarch And March futhi banezinsiza ezanele zokubhekana nalawa mamashi azokwenzeka njalo ngoLwesine. “Njengoba besandisiwe isibalo samaphoyisa ngenxa yemashi yomhla zingama-30 kuNhlangulana, lawa ebevele ekhona amaphoyisa azoqhubeka nomsebenzi futhi asinalo uvalo lwamamashi ahleliwe kanjalo nangahleliwe,” kusho uMajor General Makoba.
Uqhube wathi kuyilungelo labantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazwakalise ilaka labo, ngokumasha uma kukhona lapho bengeneme khona. “Njengamaphoyisa sisebenzisana nezinhlaka zokuphepha eziningi okubalwa amaphoyisa kaMasipala weTheku, RTI, CPF nabanye abaningi. Konke lokhu sizokwenza ngesabelo mali esisinikwa uhulumeni njalo makuqala unyaka,” kuphetha uMajor General Makoba.
