KUBOSHWE ABABILI BOKUFIKA KULELI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma namaphoyisa.

OWOKUFIKA okhalelwe amasongo kaS’gonyela eNanda. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
BAKHALELWE amasongo kaS’gonyela abokufika ababili abatholakale bengenawo amaphepha asemthethweni okuba kuleli, kanye nokungatholakali namaphepha asemthethweni abagunyaza ukuthi babe namabhizinisi.
Lokhu kwenzeke izolo ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngokubambisana neNhloko yoMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni, uNksz Nokuthula Khanyile, beqhuba umkhankaso obizwa eNgangeni Ngesango Iyafohla, eMtshebheni eNanda, bagasela amabhizinisi abokufika kungazelele muntu.
Lo mkhankaso uhlose ukuthi abantu bangadayiselwa ukudla osekuphelelwe isikhathi, ukuhlola imikhiqizo ukuthi igunyaziwe yini ukuthi ibe kuleli nokuthi kufanele yini idayiswe, inhlanzeko kanye nokuhlola ukuthi laba bokufika banawo yini amaphepha abagunyaza ukuba kuleli, nawokuba namabhizinisi futhi bayayilandela yini imigomo yamabhizinisi. Ngaphambi kokuthi agasele ezitolo uNdunankulu uqale esiteshini samaphoyisa eNanda, uwashayela ihlombe ngomsebenzi wawo omuhle futhi oncomekayo awenzayo emphakathini.
“Umsebenzi eniwenzayo mkhulu kakhulu futhi nibuyisa ithemba kithina sonke. Njengoba ngilapha ngizoneseka ukuze uma sengithula umbiko emphakathini ngisho ukuthi amaphoyisa akhona, ayalusebenza nsuku zonke udaba lwabokufika kuleli ngokungemthetho. Asikho-ke isidingo sokuthi kuqhamuke noma ubani enze agxeke ngoba umsebenzi siyawenza ngendlela efanele,” kusho uNdunankulu uNtuli.UMnyango wezaseKhaya, amaphoyisa kanye noMasipala weTheku nabo bebeyingxenye yalomkhankaso.
