Izindaba

KUSOLWA UBUKHOSIBEMVELO NGOKUCHEMA UDEDE NOKAMDOLOMBA

UMNTWANA uBukhosibemvelo kaZwelithini, usolwa ngokuchema noNdlunkulu uKaMyeni .ISITHOMBE: INDLUNKULU KAZULU

ZETHU PHOSWA

USOLWA ngokuchema udede noNdlunkulu uMaMyeni udadewabo weSilo esibusayo uBukhosibemvelo. Lokhu kulandela ukusabalala kwenkulumo yezwi yalo lezinyane, ligxeka indlela oNdlunkulu beSilo abaziphathe ngayo eMkhosini woMhlanga obusesigodlweni seSilo uMisizulu KaZwelithini eMachobeni eNgwavuma.

Lokhu kugxeka kwezinyane leMbube okusabalele ezinkundleni zokuxhumana okuqale ku-WhatsApp kwakapakela ku-Facebook nakwezinye izinkundla, yikho okwenze yahlukana imibono ngokuphawula kwakhe. Kukhona abathi inkulumo yakhe ibe nenhlabathi njengoba iveza ukuthi izinyane alibahloniphi kangakanani oNdlunkulu beSilo, kanti abanye bathi uMntwana ukhuluma iqiniso futhi inkulumo yakhe ivikela isiko.

“Angeke alawule izinto ezenzeka eMhlangeni engekho khona ehlezi ekhaya ebukela ko-Facebook nako-Tik Tok,” kusho abantu.
Ngokuthola kwaleli phephandaba nakuba abanye bephawulile ngakho, kodwa kuthiwa izinyane licheme kakhulu noNdlunkulu uMdolomba, njengoba kunguye yedwa ongabonakalanga egcaluza esina phambi kwamatshitshi.

Enkulumweni kaMntwana uBukhosibemvelo kuzwakale evuna uNdlunkulu uMaMyeni, ngokufaka isicholo esinobuhlalu ngoba nguye kuphela osegcagcile wathelwa ngenyongo eNdlunkulu, kanti abanye baseyizingoduso. Kuze kube manje, iNdlunkulu ibingakasikhiphi isitatimende esisemthethweni mayelana nalolu daba.