LUGUJWE NGESITAYELA USUKU LWABEZICISHAMLILO ETHEKWINI

ABEZICISHAMLILO ebebezohlonishwa uMasipala njengoba bekuwusuku lwabo.

ABEZICISHA-MLILO ebungaza usuku lwabo.

BATSHENGISE indlela abasebenza ngayo uma, sebebhekene nezimo eziphuthumayo. IZITHOMBE: UMKHANDLU WETHEKU
AKHONA DLAMINI
BALUBUNGAZE ngendlela ehlukile usuku lwabezicishamlilo eThekwini, njengoba uMasipala weTheku uhloniphe amaqhawe namaqhawekazi anesibindi, abeka izimpilo zawo ezingozini nsuku zonke, ukuze bavikele imiphakathi baphinde basindise izimpilo.
UMasipala uphinde wakhumbula labo abalahlekelwa izimpilo zabo besemsebenzini.
Lo mcimbi ububanjelwe ikomkhulu labezicishamlilo, kunombukiso osafilimu lapho abacimi mlilo, bekhombisa ukuthi benzenjani uma besenkundleni noma besemsebenzini. Kubalwa ukugitshelwa kwezitebhisi ezibalelwa kuma-464, ukuhudula ipayipi obekukhombisa amandla, nokusebenzisana njengeqembu kanye nokulandela iziyalo zabaphathi.
“Namuhla asibungazi nje usuku lwabezicishamlilo kuphela, kodwa umkhosi wokukhumbula isibindi, ukuzidela nokuzinikela kwabesilisa nabesifazane abaqeqeshelwe ukuvikela izimpilo zethu,” kubeka uMphathi wezeMlilo uMnuz Enock Mchunu.
UMchumu wengeze ngokuthi abacimi mlilo baya kuyona ngqo ingozi, ngesikhathi abanye bebaleka kuyona. Uthi babhekana namalangabi avuthayo, izinhlekelele ezingalindelekile, nezimo ezisongela izimpilo zabo lokhu kuwubuqhawe obusikhuthazayo sonke.
