Uncategorised

UMUNYU NOSIZI KUSHONA ABAFUNDI ABAYI-13 ENGOZINI

ABAFUNDI abashone ujuqu ngesikhathi kushayisana iloli netekisi ebebekulona izolo.

UMZALI olahlekelwe izingane zakhe ezimbili kule ngozi enyantisa igazi.

ISALE injena itekisi ebinabafundi ebebeya esikoleni izolo bagcina BENGAFIKANGA. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

USIZI nomunyu ngesikhathi kufika imindeni yezingane eziyi-13 ezishone ujuqu ngesikhathi kushayisana iloli netekisi ebezikulona zilibangise esikoleni izolo eGoli, eVanderbijlpark.

Amaphoyisa aseGoli athi aphenya icala lokubulala ngokungenhloso, njengoba umshayeli wetekisi engomunye wabathathu abasindile baphuthunyiswa esibhedlela.

Kusolwa ukuthi ngesikhathi kwenzeka lesi siphihli sengozi umshayeli wetekisi ubegijima edlula izimoto ezimbili, ngesikhathi esisodwa wabe esehluleka ukuyilawula wadala le ngozi enyantisa igazi.

Omunye umzali ulahlekelwe izingane zakhe ezimbili kulengozi, ukhale waze waquleka ngesikhathi efika endaweni yesigameko, waphuthunyiswa esibhedlela.
Kuthiwa lezi zingane bekuyizona kuphela ebenazo.

Izikhulu zinxusa bonke abashayeli ukuthi bathobele imithetho yemgwaqo, babekezelelana ikakhulukazi omalume abasuke bephethe izingane zesikole.