Uncategorised

SIVULIWE ISIKHUNGO ESIZOCIJA INTSHA EMBONINI YEZINDIZA

SIPHINI likaNgqongqoshe uNkk Nomusa Dube-Ncube ethula inkulumo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA noMZWANDILE MHLONGO

SIVULWE ngokusemthethweni isikhungo iWorldSkills South Africa, Elangeni TVET College Aircraft Maintenance Academy e-Inanda Campus, sivulwe iPhini likaNgqongqoshe woMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa, uNkk Nomusa Dube-Ncube, namuhla.

Lesi sikhungo esihlose ukuqeqesha intsha ngamakhono okulungisa nokunakekela izindiza, okuwumphumela wokubambisana phakathi koMnyango weMfundo ePhakeme nokuQeqeshwa (DHET), iWorldSkills South Africa neStarlite Aviation Academy.

UDube-Ncube uthi lobu budlelwano buyisibonelo esihle, sokuthi uguquko lwamakhono lungafezeka kanjani uma uhulumeni nezinhlangano ezizimele besebenzisana. “Ukubambisana phakathi kwe-Elangeni TVET College, iWorldSkills South Africa neStarlite Aviation, kuyisibonelo sokuthi uguquko lwamakhono lubukeka kanjani. Luhlanganisa imfundo, ukuqeqeshwa emsebenzini okusezingeni lomhlaba nokuqeqeshwa okusebenzayo. Lokhu kuqinisekisa ukuthi abafundi abalungiselelwa itheory kuphela kodwa bayakulungela ukubhekana nezidingo zangempela zalo mkhakha,” kusho uDube-Ncube.

Abaholi bezinhlangano ezibambisene nalolu hlelo bathi lesi sikhungo sizovula amathuba amasha entsheni, ikakhulukazi evela emiphakathini yasemalokishini, ukuze ithole amakhono adingeka kakhulu embonini yezindiza futhi ikwazi ukuthola amathuba emisebenzi esikhathini esizayo. Baqhube bathi lesi sikhungo sihlose ukuhlomisa abafundi ngamakhono asezingeni lomhlaba emkhakheni wezindiza ukuze bakwazi ukuncintisana emakethe yomsebenzi yaseNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.