Politiki

UMKHWANAZI UVUME ESOKUQHOQHOBALA ESIKA-ZWELONKE

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi oseqokelwe esinye isikhundla esiphezulu kuzwelonke. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UKUSEBENZA kwakhe ngobuqotho nangokuzimisela esifundazweni saKwaZulu-Natal, sekumvulele amadlelo aluhlaza kuzwelonke, uMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, njengoba ejutshwe ukuthi ahole umkhankaso wokulwa nobugebengu obuhleliwe ezweni lonke.

Lo msebenzi azowenza uzogxila ekuqedeni izinhlaka zobugebengu, okubalwa ubugebengu obuhleliwe, okuyilapho izigebengu zisebenzisa ubuchule nobuchweshe ukwenza ubugebengu obuningi.

Ngesikhathi ephawula ngalo msebenzi azowenza kuzwelonke uLt General Mkhwanazi, uthi nakuba ezowuthatha lo msebenzi kodwa isifundazwe iKwaZulu-Natal sizohlala siphephile, ngoba engeke asuke ngokuphelele esikhundleni sakhe sokuba uMkhuzi waMaphoyisa kulesi sifundazwe.
“Izinhlelo zokulwa nobugebengu zizokwenziwa ngendlela eqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaqhubeka esifundazweni, ngesikhathi ngiqhuba lo mkhankaso kazwelonke,” kusho uNdonga.

Lo msebenzi kaLt General Mkhwanazi ushayelwe ihlombe ezinkundleni zokuxhumana. “ Siyabonga ukuthi uyisethenjwa Ndonga emaphoyiseni kazwelonke. Isibindi sakho engathi ungasipha mina, siyakubongela wabizelwa esiphoyiseni unogcobo. Siyabonga Ndonga ngomsebenzi omuhle kusazoboshwa inqwaba yosopolitiki shuthi sekuwukubuya kwezwe kunini sahlupheka sihluphekiswa osopolitiki,” kuphawula abantu ezinkundleni zokuxhumana.