Izindaba

UKWAZI NSELE UVUNA UMTHANDENI NGEYOKUBA YINKOMO EDLA YODWA

UKWAZI Nsele ongusonkondlo. ISITHOMBE: UMUSA MEDIA

AKHONA DLAMINI

UKWAZI Nsele usegeqe amagula ngendaba yeminikelo yabaculi, kulandela ukusabalala kwama-screenshots aqhathanisa umnikelo owawuqoqelwa ukuya emndenini wakwaDlamini, wabaculi bakaMaskandi uMthandeni noLimit Nala.
UNsele uthe kukhombisa ukungavuthwa kwabaculi lokhu osekwenzeka, okusho ukuthi abanabo ubungqwele nobumbano, futhi kukhona abafuna ukuxova.

Uthe nayo inkombankomba yokusolakala ukuthi uKhuzani owaputshuza lezindaba, zokuthi ubani unikele ngamalini, kuwukuxova.

“UKhuzani usezame kaningi ukuhlanganisa nokuzihlanganisa nabaculi njengomculi ovelele nomholi,” kubeka uNsele.

Uthe ukusabalala kwama-screenshot akuzange kuzivelele nje, kepha kukhona umuntu ongaziwa ozama ukuxova nokuhlukanisa abaculi.

“ ULimit ungumuntu ophila impilo yangasese futhi akajwayele ukuvelela, kodwa manje sekuzoxovwa ngaye ngenxa yale mpikiswano. Sengiyakuqonda manje ukuthi kungani uMthandeni engazimatanisi namagruphu ubalekela ukukhuluma. Abantu kumele bazi ukuthi akubona bonke abantu abazibiza ngamaciko abanezinhloso ezinhle,” kusho uNsele.

Uqhube wathi abanye bangase bazame ukukhuphula amagama abo ezinkundleni zokuxhumana ngokudicilela phansi elikaKhuzani.
Ube esexwayise ngokuthi ukuqhathanisa iminikelo kungaba yingozi njengoba izimo ezinjengalezi zingaphinde zenzeke komunye umndeni, bese kudingeka futhi iminikelo kubaculi.