Uncategorised

I-CONLOG YENZA KAHLE KWIMAKETHE

UMNUZ Logan Moodley echazela uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngobuxhakaxhaka obungaphakathi kwa-Conlog. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

INKAMPANI ekhiqiza izigubhu zikagesi uConlog, isidayise izigubhu zikagesi ezingaphezu kuka-19 million, umhlaba wonke kuleminyaka edlule.Lokhu kuvezwe uMnuz Logan Moodley oyi-Chief Executive Officer (CEO), ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isikhungo sale nkampani, esakha amamitha amanzi nezigubhu zikagesi, eDube Trade Port, izolo.

Uthi kwimpumelelo yenkampani ababali kuphela izigubhu zikagesi abazidayisile, kodwa babala nemizi abayifakele izigubhu zikagesi, engaphezulu kuka-50 million. “Abantu abakhanyiselwa ugesi ilenkampani bayizigidi. Amazwe angamakhasimende ethu, angaphezulu kwama-58 umhlaba wonke, okubalwa iSouth America, Middle East namanye amazwe amaningi,” kuchaza Moodley. Uthi njalo ngenyanga bakwazi ukukhiqiza izigubhu zikagesi eziyi-135. “Sigxile kakhulu kwezobuchwepheshe, ekutholeni izixazululo nokukhiqiza umsebenzi oseqophelweni eliphezulu,” esho. Uthi sebeneminyaka engama-60 bekhona endimeni. Ube esebonga uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, obe yingxenye yalo mcimbi.