Uncategorised

I-PIRATES ISIPHUCE I-CHIEFS IQATHA EMLONYENI

UMBIKO : MABUNHLE MLABA

I-ORLANDO Pirates isiphuce iKaizer Chiefs iqatha emlonyeni ngokusayina insephe yaseswini uSipho Mbule odedelwe esexabene neMamelodi Sundowns.
Lo mdlali waseswini onekhono elibabazekayo bekubhekwe ukuthi athathwe iChiefs njengoba ne-agent yakhe uMike Makaab isanda kuphahluka ngokuthi sebeziqalile izingxoxo zokuthi asayinwe. Usevumbuka kwiPirates nje, ubekade ebolekiswe kwiSekhukhune United lapho efike waphambana nomthetho, okudale wabizelwa ekomitini eliqondisa izigwegwe. UMbule, oneminyaka engu-27 nozalwa eFree State, ufike kwiPremiership edlala kwiSuperSport United. Abaningi bathi uma engagxila ebholeni ayeke izinto zangaphandle kwenkundla ekubalwa kuzo ubumnandi notshwala, engahamba elide ibanga ngebhola lakhe. IPirates namhlanje imemezele ukuthi useyiBhakaniya kodwa yangaveza ukuthi imsayine isikhathi esingakanani.