INKUKHU NEMPAKA U-KELLY NEMENENJA YAKHE

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
SISHUBILE isimo phakathi kukaKelly Khumalo nemeneja yakhe Kgothatso Tsotets kulandela umbango wezimali.
Ngokuthola ngomthombo ongashayi eceleni kuthiwa uKelly usanda kubamba ukuthi uTsotetsi ubezitamuzela emalini abhukhwa ngayo.
“Le nto yokuzithathela imali bengavumelananga kade ayiqala. Asazi-ke nokho ukuthi lokho ubekwenza ngoba ezikhokhela yena ngoba kuyaziwa ukuthi nguye obekhipha ephaketheni lakhe egqokisa uKelly nabasizi acula nabo, ” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe sekuphele izinyanga ezimbili bengasebenzisani kanti indlela isimo esesishube ngakhona abasakhulumisani.
Ethintwa iTimesLive uKgothatso ukuqinisekile ukuthi akasesebenzi noKelly. “Sinqume ukuthi sehlukane ngezindlela esizithathayo. Ngakolwami uhlangothi ayikho imali engiyidlile. Uma ngikhumbula kahle siqale ukungasebenzisani ngenyanga kaNhlaba ngonyaka odlule. Uma yena ekholwa ukuthi kunemali engiyidlile, kulungile. Bese ngisebenze naye iminyaka eyi- 17. Okunye okwenze ngiyeke ukusebenzisana naye ukuthi sengifuna ukugxila ebhizinisini lami lezinto zokugqoka,” kuqhuba uKgothatso.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaKelly iphunzile.
