Uncategorised

UMKHWANAZI UVAKASHELE UMNDENI OSHELWE UMUZI

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ibheka umonakalo owenziwe umlilo.

UMUZI wakwaKhanyile oshe wangqongqa kwangasala lutho.

IMEYA uCllr Mkhwanazi namalunga omndeni wakwaKhanyile. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi ivakashele umndeni wakwaKhanyile oshelwe umuzi nempahlakonke eBhekuzulu, eVryheid, ebiphelezelwa uCllr Ntokozo Sibiya wakuyona le Ward noCllr Sandile “Dasi” Mthembu weWard engumakhelwane.

IMeya ixhumane noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kanye nezinye izinhlaka ezibalulekile, ukuze zilule isandla bakwazi ukulekelele ukwenzela umndeni izitifiketi zezingane nomazisi njengoba bengaphumanga nalutho ngesikhathi kwenzeka lo mshophi.

“Ngizozithengela izingane ezifundayo umfaniswano wesikole, ukuze zingaphazamiseki esikoleni ngenxa yalesi sigameko. Ngisazohlangana nezinhlaka ezifanele ukuqinisekisa ukuthi umuzi wakwaKhanyile uyavuswa kabusha,” kusho iMeya uMkhwanazi.

IMeya ayifikanga ilambatha kodwa ifike iphathele lo mndeni ukudla. Iphinde yakhuthaza amalunga omphakathi ukuthi nawo alule isandla akhombise ubuntu nokuzwelana nomndeni ngalesikhathi esinzima obhekene naso.
Imbangela yalo mlilo ayaziwa njengoba kwasa kungekho muntu.