Uncategorised

BANYIWE YISIKIMU ABE-CHIEFS KWI-BAFANA

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMQEQESHI we-Bafana Bafana uHugo Broos umemezele isikwati sakhe sokugcina izolo, azobophela ngaso kwimdlalo emibili esele yokuhlungela indebe yomhlaba ka-2026.
Kulesi sikwati kuboshelwe abadlali abayi-8 abaqhamuka kwi-Mamelodi Sundowns, kuthi abayi-7 abaqhumuka kwi-Orlando Pirates, akubanga khona ngisho noyedwa we-Kaizer Chiefs.
Abadlali abamenyezeliwe bami kanje: uRomwen Williams, uRicardo Goss, uSipho Chaine, uMalibongwe Khoza, u-Aubrey Modiba, uKhuliso Mudau, uKhulumani Ndamane, uMbekezeli Mbokazi, uNkosinathi Sibisi, uSamukelo Kabini, uThabang Matuludi, uTebogo Mokoena, uSiphelele Sithole, uBathusi Aubaas, uThalente Mbatha, uThapelo Morena, u-Oswin Appollis, u-Iqraam Rayners, uLyle Foster, uTsepang Moremi noRememorize Mofokeng.

IBafana ibheke ukuthi ithole amaphuzu aphelele mhla ziyi-10 kuMfumfu, lapho izobhekana neZimbabwe eMoses Mabhida Stadium ngehora lesithupha. Leli qembu le bhola laseNingizimu Afrika Lisa da ukubhekana nembibizane ngemva yokuphucwa amaphuzu amathathu iFIFA kuGroup C, kanti kumele iphinde iqedele umsebenzi mhla ziyi-14 kuMfumfu uma isibhekene ne Rwanda eMbombela Stadium, ukuthola amaphuzu aphelele kuyo yonke lemidlalo okuzobabeka ethubeni elihle lokuthi babekise indawo yabo endebeni yomhlaba ka-2026.
IBafana Bafana selokhu yagcina ngonyaka ka-2010 ukudlala kwindebe yomhlaba.