Uncategorised

KUBOSHWE OWOKUFIKA OWENZA OMAZISI BAKULELI BOMGUNGATHI

IKHOMPUYUTHA kanye neminye imishini ebekusetshenziswa ilona wesilisa ukwenza ubugebengu.

OWESILISA wokufika kuleli obanjwe oqotsheni enza omazisi bakuleli bomgungathi kanye nokunye okuningi. IZITHOMBE: SAPS

NOMCEBO NGEMA

UKHALELWE amasongo kasigonyela owesilisa oneminyaka engama-38 ubudala wokufika kuleli, kulandela ukutholakala ukuthi ukhiqiza omazisi bakuleli bomgungathi, eGoli.
Lo wesilisa uboshwe amaphoyisa aseKurhuleni ngezinsolo zokuqamba amanga, nokudayisa omazisi namanye amaphepha omgunyathi.

Lolu phenyo luqale ngemumva kokutholakala kwamarisidi kagesi omgunyathi emijondolo yaseChief Albert Luthuli, eCloverdene, okuthe uma kulandelwa kwatholakala ukuthi lamarisidi athengwa kulomlisa wokufika. Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele e-internet café ese-Bedford Avenue, lapho umsolwa evume khona ukuthi ushicilela la marisidi awadayise ngemali engango-R250 lilinye. Amaphoyisa aphinde athola amanye amaphepha omgunyathi , okubalwa, omamazisi (Smart ID) bomgungathi , izincwadi zokuqashwa, nezimvume zokusebenza kanye nezincwadi zokushayela.

Amaphoyisa ashaqe yonke imishini ebisetshenziswa ukwenza le mikhuba. Umsolwa ubhekene namacala enkohlakalo (fraud), nokuphambana nomthetho olawula abokufika (Immigration Act). Kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo kaMantshi eBenoni.