Uncategorised

UKHUZA IBUYA KWI-TV OWADUMA KU-KHOZI FM

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

UKUBA namathalente amaningi sekuphendlele lowo owaduma kuKhozi FM uSthandwa Nzuza, umsebenzi kwiMoja Love.

Lo msakazi uzobonakala ethula uhlelo Molao O Reng, oluzoqala ukuboniswa ngoLwesine ngehora lesi-7 ntambama.
Echaza ngaleli gxathu uthe. “Sengihambe ibanga elide kulo mkhakha wezikaqedisizungu kanti konke lokhu kutshalwe ukuthi ngenza izifundo ze-drama and production e-DUT.

Le ntokazi ezalwa eNanda ikhombise elinye ithalente layo ngesikhathi ilingisa emdlalweni enohlonze, okubalwa Ehostela, Uzalo, Durban Gen no-Umkhokha:The Curse neminye.

Uhlelo iMolao O Reng olokuqala engizolwenza kwi-TV. Lolu hlelo luzobe lugxile ezintweni ezithinta umthetho abantu bathole usizo. Kuzobe kukhulunywa ngezilimi ezahlukene. Angiboni kuzoba inkinga kangako ngoba vele sengiyijwayele ikhamera nokusebenza nabantu abahlukahlukene

⁠