IZE NGEGIYA ELIPHEZULU I-SIBALULEKILE MUSIC FESTIVAL

UPnky Khotsholo ongumhleli weSibalulekile Music Festival,.
ZETHU PHOSWA
IBISEZINGENI eliphezulu iSibalulekile Music festival, lapho abaphila nokukhubazeka eshiyelana inkundla, EKZN Music House eThekwini, ngoMgqibelo.
Le festival I ihlelwe nguPinky Khotsholo was eNanda, ophila nokukhubazeka, ngenhloso yokunika abaculi abaphila nokukhubazeka.
“Le festival iyingxenye yokugubha l inyanga kaLwezi okuyinyanga yokuqhakambisa amalungelo ethu esiphila nokukhubazeka, futhi kungqugquzelwe ukuthi abantu bswahloniphe, “ kubeka uPinky.
Uveze ukuthi ukuntuleka kwamathuba wokuveza amakhono wezobuciko ikakhulukazi emculweni, kwabantu abaphila nokukhubazeka, ikhona okuholele ekutheni asungule ifestveli.
Uthi ukubabona bekhululekile futhi bezigqaja kumenza athokoze emoyeni.
“Ngaphambi kokuthi siqale ifestveli siqala sacijwa IKumisa, ngamalungelo abaculi, ukuthi singazimaketha kanjani, siyenze kanjani imali ngokufaka izingoma ezinkundleni zokuxhumana nokuthi dikhokhelwa kanjani ngomculo wethu, “ esho.
Ubonge uMnyango wezemiDlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali no Mkhandlu weTheku ngokubaxhasa, okwenze umcimbi wayimpumelelo.
SIYIXOXA nezithombe




