Izindaba

USHINGA UGQUGQUZELE UKUTSHALA UKULWA NENDLALA

UNKSZ Mbali Shinga onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ngesikhathi esensimi eDumbe ngoLwesibili.IZITHOMBE: KZNDSD

OWAMI THABETHE

UNGQOGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, unxuse imiphakathi ukuthi ibuyele ekutshaleni ukudla emakhaya njengesixazululo sokulwa nendlala nobubha. UNgqongqoshe ukusho lokhu ngesikhathi kugujwa uSuku Lokudla OMHLABA Ophuzane eDumbe, ngoLwesibili mhla zingama-20 kuMfumfu 2026.

Lo mgubho ububanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Innovate Today, Nourish Tomorrow,” ukugqamisa ukuzibophezela kukahulumeni ekulweni nokungavikeleki kokudla kanye nokukhuthaza impilo evikelekile ezifweni. UShinga unxuse imiphakathi ukuthi izibandakanye ezinhlwelweni zokutshala ezingadini zomphakathi, ngenhloso yokunciphisa indlala emakhaya, baphinde bakwazi ukuzidayisela lokudla bathole imali.

UShinga ufike ephethe amaphasela okudla ayi-200, wamukelisa imindeni eswele, wagcizelela ukuthi lokhu ukudla okwesikhashana kodwa kumele imindeni isukume izilimele ukudla ukuze ixoshe ikati eziko.

“Kumele sisuke ekuthembeleni kumaphakethe okudla futhi sikhuthaze imiphakathi yethu ukuthi ikhiqize okwayo ukudla. Wonke umuzi onomhlaba kufanele ube nengadi egcekeni,” kusho uShinga.Uphinde wanxusa intsha nabesifazane ukuthi bahlole amathuba kwezolimo, basungule amabhizinisi ukukhuthaza ukuzimela ngokwezomnotho.