
KUDUTSHULWE KWABULAWA ABAYI-11 KWAMAKHUTHA
MZWANDILE MHLONGO
KUDUTSHULWE kwabulawa abantu abayi-11, kwalimala abathathu, kulandela ukuthi kuhlasele izigebengu, eZiko KwaMakhutha, eThekwini ngoLwesibili ebusuku.
Bekunabantu abayi-14 kulo muzi, okufike abantu abangaziwa bavulela ngenhlamvu, kwathi abayi-11 bashonela khona esigamekweni, abayi-3 balimala kanzima.
Omunye womakhelwane uthe bashaqekile ngalesi sigameko, esibashiye bethukile.
Amaphoyisa akwaMakhutha afike kuqala endaweni yesigameko, kwalandela ithimba le-eThekwini District Tracing Team, okuyithimba eliqeqeshelwe ukulandelela izigebengu eziyingozi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshuinda, ukuqinisekisile lokhu kubulawa kwabantu abayi-11, okushiye abathathu belimele kanzima.
“Amaphoyisa asezithendeni zababasolwa, ababulale abantu abayi-11 KwaMakhutha, kwalimala abayi-3,”kusho uColonel Netshuinda.
Uthe isizathu salesi sigameko asikaziwa, okwamanje futhi akukaboshwa muntu. Amagama ezisulu awakakhishwa njengoba amaphoyisa esazisa imindeni.
Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi, ukuthi athinte isiteshi samaphoyisa saKwaMakhutha noma ashaye ku-Crime Stop ku-08600 10111.
