Uncategorised

UXHAXHA LWAMACALA UMSOLWA WESIBILI KWELIKA-DJ WARRAS

U-ARMINDO Joaquim Pacula obevele enkantolo yaseGoli namhlanje.

UDj Warras owadutshulwa wabulawa edolobheni eGoli ngoZibandlela. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UBHEKENE noxhaxha lwamacala u-Armindo Joaquim Pacula oneminyaka engama-25 ubudala wase-Mozambique, ongumsolwa wesibili ecaleni lokubulawa komsakazi nomethuli wezinhlelo kumabonakude uDj Warras.

Inkantolo kaMantshi yaseGoli izolo, igixabeze lo msolwa ngecala lokuhlela ukubulala, elokubulala kanye nelokuba kuleli ngokungemthetho.

UDj Warras wadutshulwa wabulawa enkabeni yedolobha eGoli, ngoZibandlela ngonyaka odlule. Kwaboshwa uVictor Majola oneminyaka engama-34 ubudala owaba umsolwa wokuqala kuleli cala, osagqunywe esitokisini namanje kulandela ukuthi inkantolo yanqaba ukumnika ibheyili ngesonto eledlule.

U-Armindo uboshwe ngeSonto ebusuku kulandela uphenyo olunzulu lwamaphoyisa, wavela izolo enkantolo kaMantshi yaseGoli.

Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa embopha athole imiyeko yezinwele okungama-dreads akhe efakwe ku-plastic.