Uncategorised

INDIDA KUGQEKEZWA IKOMKHULU LAMAPHOYISA ONDINI

KWEBIWE inqwaba yezinhlamvu nezibhamu Olundi. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

SELUQALILE uphenyo lwamaphoyisa kulandela ukugqekezwa kuphinde kuntshontshwe izikhali emahhovisi amaphoyisa eK9 Unit, Olundi.

Kubikwa ukuthi izigilamkhuba zikhale zemuka nezibhamu ezine, okuyisibhamu sohlobo lwe-R5, esikhulu kanye nezinhlamvu ezibalelwa kuma-300 ezebiwe ngesikhathi kwenzeka lesisgameko.

Khonamanjalo uMnuz Mzamo Billy oyilunga le-Democratic Alliance (DA) eSishayamthetho KwaZulu-Natal, uthi uma izigilamkhuba zikwazi ukugqekeza ezindaweni zabakwasidlodlo zintshontshe, lokho kubashiya benembuzo emningi mayelana nezokuphepha kulezi ndawo okubalwa nendawo lapho lugcinwa khona izibhamu.
Uthi eminye yemibuzo abanayo ukuthi ngabe akhona yini ama-alarm nama-CCTV, akhombisa ukuthi kwenzakalani ngaphakathi nangaphandle neminye eminingi.

“Njengelunga leSishayamthetho ngizobhalela ikomidi lezomthetho nobulungiswa, ngiphinde ngibhalele uNgqongqoshe waMaphoyisa obambile kanye noKhomishana waMaphoyisa kuzwelonke ngifune umbiko ogcwele mayelana nokugqekezwa, incazelo yokuthi uPhiko lwe-IPID lubikelwe yini? nokunye okuningi,” kusho uMnuz Billy.

Uqhube wathi izakhamuzi zaseZululand, naKwaZulu-Natal kufanele zibe nesiqiniseko sokuthi izikhungo zamaphoyisa ziyindawo ephephile.