Uncategorised

ZIYASHAQISA IZIBALO ZEZIKHALI NEZIDAKAMIZWA EZITHOLWE EMAJELE AKULELI

AMAPHOYISA ngesikhathi egasele kumajele akuleli. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ZIYASHAQISA izibalo zomakhalekhukhwini nezidakamizwa ezishaqwe emajele akuleli ngesikhathi samaholidi kakhisimuzi noncibijane.

Kutholakale omakhalekhukhwini abangaphezu kuka- 8 000, insangu engaphezu kuka- 45kg kanye nemali engaphezu kuka-R100 000 emajele akuleli. Lezibalo zimenyezelwe uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ePitoli ngoMsombuluko.

UMnyango uthi lokhu kuseshwa kwenziwe ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo ezingu-59,310 kuzona zonke izifundazwe zakuleli. IGoli yilona elihamba phambili ngobuningi bezigebengu njengoba lihleli ku-56%, futhi azikho iziboshwa ezike zeqa ezibikiwe.

IGoli liphinde lahamba phambili ngokutholakala komakhalekhukhwini abangu-2,321. Izikhulu zomnyango ziphinde zathola izinto ezicijile nemimese engu-3,144 ikakhulukazi emajele ase-Eastern Cape, Free State naseNorthern Cape.

Kuphinde kwashaqwa insangu engaphezu kuka-46kg, inqwaba yezinto ezihlobene nensangu kanye namaphilisi eMandrax angaphezu kuka-1 000. Isifundazwe iLimpopo, iMpumalanga, iNorth West kanye naKwaZulu-Natal ziqophe umlando ngokutholakala kwezidakamizwa eziningi