Uncategorised

I-DA IZOPHAKAMISA OZONGENELA ESOBUMEYA EMNGENI

IMEYA kaMasipala waseMngeni uCllr Chris Pappas okusaqagelwa ukuthi akabuyi noma uyabuyela kwesobuMeya noma kuzongena omunye. ISITHOMBE: UMNGENI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UBUHOLI be-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, buzophakamisa ilunga abazofolosa ngalo kwesobuMeya kuMasipala waseMngeni, namuhla eMpophomeni Sports Ground, eMgungundlovu.

I-DA ithi selokhu yaba semandleni kuMasipala waseMngeni, kunoshintsho olukhulu okubalwa ukuncipha kwenkohlakalo, kodwa kwakhula ukuhanjiswa kwentuthukuko emiphakathini. Ithi uMasipala uMngeni uhamba phambili esifundazweni iKwaZulu-Natal futhi uyisibonelo esihle sokuthi intuthuko ihanjiswa kanjani emphakathini.

Lo mcimbi uzoqala ngehora le-11:00 namuhla.