ISIGCWAGCWA KU-S’DUMO MTSHALI NGENXA YE-THE POLYGAMIST

IFILIMU iThe Polygamist etholakala kwisiteshi uNetflix. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
BAVUTHA bengabaselwe abantu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuphuma kwefilimu i-The Polygamist, eneziqephu ezingama-22 kwisiteshi uNetflix.
Le filimu esuse umsindo ibophele izinkakha zabalingisi okubalwa uSdumo Mtshali owaduma kumdlalo Isibaya edlala indawo kaS’busiso, noGugu Gumede owaziwa kakhulu ngoMaMlambo kuZalo.
USdumo kule filimu udlala indawo kaJonasi Gomora indoda eyisiqumama kodwa enonya , amanga futhi ephingayo okuyikho okususe umsindo kakhulu.
Abesifazane bebefunga begomela bethi abasoze bona bashada ngenxa yokubona imigilingwane kaJonasi. UGugu kulo mdlalo ubedlala indawo kaJoyce Gomora unkosikazi kaJonasi, obehlukumezeka kakhulu kodwa phambi kwabantu enza sengathi bawumndeni ojabule. Kugcina kumenele uJonasi kule filimu ngenxa yokungafuni ukuthatha imishanguzo yegciwane ingculazi.
Abantu abaningi bathe le filimu iyisibuko semshado eminingi lapho indoda yenza njengoJonasi, unkosikazi yena kulindeleke ukuthi enze njengoJoyce. Nokuthi izingane kugcina kuyizona ezihlukumezeka kakhulu ngenxa yezenzo zabazali.
