EzobumnandiUncategorised

U-KAMAJOLA UTHI AKASENANDABA NGABAGIYA NGETHAMBO

U-Andile KaMajola nencwadi yakhe egcwele izingoma azibhalile. ISITHOMBE: SANDILE MAKHOBA

SANDILE MAKHOBA

UTHI akasazigqizi qakala izinto ezibhalwa ngaye ezimbili emaphepheni nasezinkundleni zokuxhumana, umfundisi u-Andile KaMajola.

Lokhu ukuveze kwingxoxo ekhethekile nentatheli yo-UMUSA News, esiteshini somsakazi wophakathi kwi-Inanda FM, ohlelweni Ikhaya Lamaciko.
UMajola ukhuluma kanjena nje kukhona abesanda kumbhala ezinkundleni zokuxhumana, ekhala ngokuthi uyamkweleta.

“Indlela esingikhule ngayo , sengabona nokuthi uFacebook unezipoki, uvele ubhalwe umuntu ongakaze umbone ongaphili, manje sengakhetha ukungaphenduli muntu ngiziqhubekele nezwi lenkosi,” kusho uMajola.

UMajola uthi kumanje umatasa uphusha incwadi yakhe egcwele zonke izingoma azibhalile, eseziphumile nezingakaphumi .
Uveze ukuthi lencwadi iqukethe izongoma ezingaphezulu kwe-100. “Noma imuphi umculi wokholo unelungelo lokuyithenga, azihlabelela lezo zingoma noma ngabe sengake ngayikhipha usengayifudumeza,” esho.
Uphethe ngokuthi umatasa ulungiselela iphasika njengoba sekubhekwe kulona.