UGONYULUKA NGOBUHLUNGU ONYIWE ISIKIMU KU-KHOZI FM

UKING S’fiso oveza ukuthi usazotho khumu izinyangana ezimbalwa engazwakali emsakazweni. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UZOTHI khumu, athathe ikhefu ekusakazeni uKing S’fiso, odliwe izembe ngesikhathi kunezinguquko eziba njalo uma kuqala unyaka emsakazweni omkhulu uKhozi FM.
Lo msakazi ogama lakhe langempela kungu-Sifiso Sibiya, ubesesebenze iminyaka eyi-7 kulo msakazi futhi ethandwa abalaleli ngenxa yephimbo lakhe elipholile.
Ukungabibikho kwakhe lo msakazi kushiye abalandeli nabalaleli bemangele, nokuyikho okuholele ekutheni agcine ephumela obala ngalolu daba.
UKing S’fiso uthi akubanga lula ukuhamba, kodwa ubonga kakhulu ithuba alitholile ngesikhathi esebenza kulesi siteshi. “Lolu hambo lungifundise okuningi futhi lwangikhulisa empilweni nasemsebenzini. Ngiyabonga kakhulu kubalaleli nakozakwethu ngokungeseka njalo, ukubambisana nangothando abangikhombise lona,” kusho sikaKing S’fiso kwisitatimende asikhiphile.
Ube eseduduza abalandeli bakhe wathi lokhu akusikho ukuphela komhlaba, kodwa usaphumula izinyanga ezimbalwa ukuze azilungiselele ikusasa. Usho nokuthi uzobazisa abalandeli uma esebuyela emoyeni.
