Uncategorised

KUGASELWE IZITOLO ZABOKUFIKA KUNGAZELELE EFILIDI

IZIMPAHLA zomgunyathi ezihlukahlukene ezishaqwe amaphoyisa ezitolo zabokufika eMondlo.

OMUNYE wokufika okuleli ngokungemthetho okhalelwe amasongo kaSigonyela, ngokutholakala nempahla yomgunyathi. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA waBaQulusi uphume umkhankaso wokugasela ezitolo kungazelele muntu eMondlo. Bathe inhloso yokuhlola ukuthi amabhizinisi asemthethweni, ayawulandela yini umthetho wamabhizinisi, ukubheka impahla esemashalofini ukuthi ayikaphelelwa yini isikhathi nokuhlola imikhiqizo edayiswayo ukuthi isemthethweni yini.

Lo mkhankaso uholele ekutheni kuboshwe abokufika abakuleli ngokungemthetho abayi-16, ngokutholakala bedayisa impahla esiphelelwe isikhathi, ukudayisa izimpahla zomgunyathi futhi ebisendalini okubalwa amabhokisi kagwayi, iRemington, angama-94, amaphakethi angama-40 amaTrust Condom omgunyathi, amapheshana angama-34 eMed-Lemon yomgunyathi, amabhokisi amane ePregnancy Test yomgunyathi, amabhokisi ayi-10 eRizla yomgunyathi kanye namabhokisi ayi-15 amaphilisi eCobra omgunyathi.UMasipala waBaQulusi ubuqhuba lo mkhankaso ngokubambisana namaphoyisa, abaQulusi Public Safety, abakwa- Immigration Enforcement nezinye izinhlaka ezithintekayo.