Uncategorised

IZINGUQUKO ZE-GAGASI FM ZICHAZE ABANINGI

.

UFelix Hlophe noMinnie babuyela kuMorning Show. IZITHOMBE: IGAGASI FM

ZETHU PHOSWA

KUPHELILE ukuqagela ngekusasa lika Felix Hlophe, obekhonjwa kumsakazo oyimbangi me Gagasi FM, kulandela ukuthi abaphathi bales siteshi, bebemezele ukuthi indoda yesagila iyabuyela kuhlelo lwasekuseni, futhi bazoqhubeka babambisane noMinie.
UFelix ukujabulela ukukhuza ibuya njengoba ethe uzimisele ukuthatha okuhle, kwabsmncomayo, abamgxeka bengsmakhi uzokubeka eceleni.


UMzokoloko (osesithombeni ngenhla)ukhuza ibuya futhi ukujabulela kakhulu, ukubuyela kwiGagasi FM, uthe ivele yagcagcela esokeni ehola ucingo olumazisayo.

IZINGUQUKO ZAPHAKATHI NEZINSUKU

USne Nene uzothatha izintambo kwiMidnight Sounds kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu

UXolile Mpisane okhuza ibuya kulomsakazo uzokwethula iSports Hour njalo ngoMsombuluko.

USamkelo “Mjita” Gambushe uzophatha i-Sports Hour njalo ngoLwesihlanu.

Izinhlelo zempelasonto nezikhethekile:

USizwe Sibisi uzophatha i-Saturday Breakfast Show.

USbu Lushozi uzophatha i-Dance Cabin kanye neShut Down Yomhlaba

ABAGAWULWE IZEMBE

IGAGASI FM liqinisekisile ukuthi uMike Makaab, uSimtho Dladla, uSphe Live noKhaya Mthethwa bagawulwe izembe.

Ababuyayo Nezinguquko Ezibalulekile:

UNjabulo Zwane ubuyele kuMid-Morning Show
UMzokoloko (osuka eVuma FM ) uzophatha uhlelo lwasemini noLuyanda Khambule.